Zibakhalele abathumba abasebenzi bebhizinisi lokungcwaba base bentshontsha imali engu 800 K eMadadeni KZN

Kuboshwe abasolwa ngokuthumba abasebenzi bebhizinisi lokungcwaba kanye nokweba imali engu 800 K eMadadeni KZN

Ngonyaka odlule ngenyanga ka October 2024 izigebengu zahlasela usomabhinisi ophethe inkampani kamasingcwabisane eyaziwa ngokuthi Madadeni Funeral Service e section 4 Madadeni. Kwathunjwa nabasebenzi ababili ababefasiwe kanye nomphathi kamasincwabisane. Izigebengu zantshontsha imali elinganiselwa ku R800 000 zase zibaleka ngemoto yomphathi wenkampani.

Kumangaze abaningi ukuthi amaphoyisa ase Madadeni asekwazile ukubathola labo abahlasela kule nkampani kanti sikhuluma kumanje basezitoksini bazovela enkantolo ngo Msombuluko 2025-01-27 lapho bezobhekana namacala okubalwa kuwo elokuphanga ibhizinisi, elokuthumba kanye nelokweba imoto. Lokhu kuboshwa kwalabasolwa sekulethe okukhulu ukujabula kubagilwa.

Sizolokhu sinazisa eminye Imininingwane ngaleli kusukela ngoMsombuluko mhlaka 27 January, qhubeka uhlale ekhasini lethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *