KUFUNWA ABADLA IMALI YOKUDILIVA AMAFUTHA NGO 2022

Ama #Hawks ophiko lwe Serious Corruption Investigation afuna labasolwa abalandelayo abango  Ayanda Dormithiene (46), Nkosingiphile Fortune Mahlangu (25), Gift Chilambe(21) no Thando Fakude (29) base McKevi mayelana necala lokuwaka nokukhwabanisa imali.

Laba basolwa ngokuthi ngo April 2022 bakhwabanisela izinkampani ezimbili okuyi  Power Magnet International Procurement Pty (Ltd) ne Cargo Freight Company. Lezinkampanini zazizimisele ngokudayisa bese zithumela amafutha eSunflower eSpain kanti babe sebekhokhelwa imali engu R521 135.95 ngsmadola kodwa amafutha agcina engazange afike kubanikazi.

Uphenyo olwenziwa lwaveza ukuthi imali yakhokhelwa iPabith Group Trader yase ifakwa ezinkampanini eziningi kusetshenziswa no Luno kanye nama ewallet.

Kuyacelwa ukuthi ongaba nolwazi ngalabasolwa athinte uLt Col Breedt kulenombolo  082 302 0467, Warrant Officer Mosienyane ku 071 351 7410. Kungenjalo ningasebenzisa inombolo yamaphoyisa ethi 08600 10111

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *