Kuzoshaya kuzwele eNewcastle ukuvalwa kwenkampani yakwa Arcelormittal ekhiqiza insimbi kulendawo kulandela ukuthi izingxoxo phakathi kukahulumeni nalenkampani ebezizama ukuhlenga ibhizinisi zihlulekile ukuthela izithelo ezinhle.
Lokhu kuzokwenza isimo sibe nzima kakhulu njengoba ivele ingekho imisebenzi. Kubikwa ukuthi abantu abalinganiselwa ku 2000 bazophelelwa amatoho kulenkampani esineminyaka ikhiqiza insimbi kodwa ukuguquka komnotho kuphoqe ukuthi ivale kwazise abasakwazi ukwenza inzuzo. Lokhu kuzophinde kushaye kuzwele emindenini eminingi kanye nako Somabhzinisi abancane bendawo abakade becosha imisebenzi kulenkampani.