LIZIMISELE UKUBHEKANA NEZINKINGA ZABASEBENZI EMAJUBA IQEMBU LE LABOUR PARTY

Uyashuba umbango wezepolitiki esifundeni Amajuba njengoba kusanda kwethulwa iqembu le Labour Party esifundeni Amajuba. Ekhuluma ne Lit Radio uMnumzane Sizwe “Mr Ziyakhala” Mokoena uthe njengamanje simatasa sinxenxa amalunga ukuba ajoyine iqembu njengoba sisayiqembu elisha endaweni. Izindawo esesike savakashela kuzo kubalwa i-5 Star, Boxer nase Theku Mall kwazise amalunga ethu ahambela lezo ndawo. “

uMokoena uveze ukuthi leli qembu lisungulwe uMnumzane Joseph Mathunjwa owu Mengameli we AMCU ngoba ebona izinkinga abasebenzi ababhekene nazo. Njengamanje bathi bazogcwala yonke iMajuba ngenhloso yokujoyinisa abantu.Uveze ukuthi vele nusekhona uCordinator ibekiwe Osizweni ukuze ushe umsebenzi. uMokoena uphinde wathinta nodaba lokulahleka kwemisebenzi e-Iscor njengoba ethi akungaqedwa imisebenzi kodwa akuhlalwe phansi uhulumeni nenkampani bathole isixazululo. Simbuza mayelana nabantu abafisa ukubalekelela uveze ukuthi emabhodini bazoba baningi ngoba amashayina adlala ngabantu kanti nase Iscor uthe banamalunga.

Okunye akuvezile ukuthi usevele uncinzile kwi Team Sugar South Africa njengoba amanye amalunga aleli qembu eliholwa uShukela Thwala amanye esewelele kwi Labour Party. Kuthini okwakho ukuphawula ngale qembu elisha eNewcastle?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *