Izolo bekade kuwusuku olukhulu kumasipala wesiFunda Amajuba njengoba kade kulindeleke ukuthi kuvalwe izikhala ezimbili ezivulekile kwi EXCO. Isikhundla esiseqhulwini ese Meya njengoba uMntwana Ndabuko Zulu wasula ekupheleni konyaka odlule kanti nesikhundla sika Sekela weMeya njengoba kubikwe ukuthi iSekela Meya lisulile esikhundleni.

Imibiko iveza ukuthi amaKhansela avukele khona eMajuba izolo mhlaka 11 April ekuseni esemfuthweni kwazise kushaye u9h00 sebegcwele qhu ukuze kuzoqhutshwa umcimbi wosuku. Ama Khansela amaqembu ahlukene aphethe lomkhandlu aqale aba nokuthuka mekuhamba isikhathi ungahlali umhlangano engabonwa uSomlomo uMntwana SO Zulu obekulindeleke ukuthi ashayele ngobuchule lomhlangano. Kubikwa ukuthi kube sekungena umyalezo obuthi umhlangano usuhlehlile kodwa zangacaci izizathu ezenze uhlehliswe.
Iqembu le ANC lisigxeke kakhulu lesenzo lakhala ngokuthi lesenzo sibukela phansi intando yeningi njengoba kumele zigcwaliswe lezikhala ukuze umkhandlu uzosebenza kahle. Singakuqinisekisa ukuthi iqembu le IFP bekade kulindeleke ukuthi ligcobe abantu ababili abaphuma kulona esikhundleni se Meya ne Sekela kodwa kusolakala ukuthi kunegama elilodwa abanye ekade bengajabule ngalo nokungacaci noma yilokho okwenze umhlangano wagcina ungahlali.