Ugcine etholakala endaweni yase Midrand namhlanje ngoLwesibili mhlaka 15 April 2025 uLinda Hlongwa odume ngo “Mjinja”.

Ngokusho kuka Colonel Robert Netshiunda kusize ukuthi afakwe ezinkundleni zokuxhumana nokuholele ekutheni umphakathi uhlabe ikhwela. uMjinja obebuye aziwe ngo Putini kukholakala ukuthi kade efuna ngodli imali ko somatekisi nakubanikazi bama tuckshop endaweni yase Mariannhill kanti ufunelwa amacala okubalwa kuwo elokuphatha isibhamu, amabili okubulala intombi yakhe nomama wayo ngo March 2025.