Umphakathi wase Madadeni elokishini lase Ikhwezi Valley ugcine unqume ukuzijuba ubhalele abakwa Eskom incwadi ubuze ukuthi kungani bona behlale becinyelwa ugesi njalo. Ngokusho kwelunga lekomiti lomphakathi esixoxe nalo baba nomhlangano mhlaka 25 January 2025 base benquma ukululandelela lolu daba.
Isinyathelo abasithatha kwaba ukubhalela ihhovisi lakwa Eskom elise New Germany eThekwini nokuyilapho laphendula ngokuthi kuzomele kwenziwe i-audit mayelana ngokuthenga kukagesi kulendawo. uCllr Sizwe Mngomezulu waku ward 22 uhambe ezinyathelweni zelunga lekomiti waqinisekisa ukuthi impela bambhalela u-Eskom nokwavela ukuthi ngokwe printout yakhona abantu abathenga ugesi endawni baphakathi kuka 55-65 % endaweni nokungaphansi kokulindelekile.
Lenhlangano ibe seyitheleka eKhwezi ngoLwesine mhlaka 10 April 2025 nokuyilapho bafika emzini eminingi kuvaliwe nokungacaci noma abantu babesemsebenzini noma babevalele abakwa Eskom ama gate. Ilunga lomphakathi elungathandanga ukuthi lidalulwe licele ukuthi umphakathi ubambisane nabasebenzi bakwa Eskom ukuze izolungiseka lenkinga. uCllr Mngomezulu uveze ukuthi abakwa Eskom bazobuyela eKhwezi bahambele imizi yakhona ngenhloso yokuhlola ukuthi ugesi uyathengwa kodwa bazobuyela ngempelasonto bekhona abantu, bazoqala ngokuletha izincwadi ezazisa ukuthi bayeza ukuze bezobe belindelwe.