KUBOSHWE ABOKUFIKA ABATHOLAKALE NEZIMBAZA EZIBIZA R1.9 MILLION

Kuboshwe abantu abahlanu ngemva kokuba bebanjwe bephethe izimbaza ezingabiza R1 970 829 ngokwentengo yase mgaqweni.

Abasolwa baboshwe uphiko lwe Northern Cape Provincial Organised Crime Investigations Unit ngoMgqibelo mhlaka 26 April 2025, eplazini elise Douglas.

Kulabasolwa abahlanu kukhonw ababili base Malawi kanye nabathathu base China baneminyaka ephakathi kuka 18 no 16 kanti baboshelwe ukuvuna izimbaza ngokungemthetho. Kuphinde kwatholakala nezimoto ezimbili okuyi Toyota Hilux ne Nissan NP 200 okukholakala ukuthi zisetshenziswe ukwenza lobugebengu. Abasolwa bazovela enkantolo maduze nje .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *