Inhlangano engenzi nzuzo yase Dannhauser eyaziwa nge Nyatee Foundation seyethule umkhankaso obizwa nge #DonateABlanket nohlose ukuqoqa bese unikela ngezingubo zokulala ezingu 10 000 kulobusika balonyaka. Lezingubo zizonikwa imindeni ehlwempu kanye nabantu abangenawo amakhaya njengoba kwaziwa ukuthi ukweswela izingubo zokulala ezifudumele ebusika kunemithelela emibi okubalwa kukho ukugodola okuholela ekutheni abantu baphathwe unkhuhlane, kwezinye izindawo ezibanda kakhulu njengako Newcastle, Ladysmith bayashona ngisho ukushona abantu ngenxa yekhaza.
Kulamaviki ezayo kuzoqala kuhanjiswe izingubo ezingaphezu kuka 5000 lemiphakathi eyehlukene.Abafisa ukuba yingxenye yalomkhankaso bathinta iNyatee kule email admin@nyateefoundation.org.za.
#DonateABlanket
#InspiringHope
#IgnitingImpact
#NyateeFoundation
#litradionews