
Kubukeka sengathi isekude ukucaca indlela odabeni lwaka NSFAS ikakhulukazi ezindaweni zokuhlala abafundi. Kuzokhumbuleka ukuthi namhlanje omastende base Thekwini bakhale ngoku ngakhokhelwa baze baveza ukuthi sebecabanga ukukhipha abafundi ezindaweni zabo njengoba abanye bengakaze bakhokhelwe kusukela uqalile unyaka. Omastende balibeke ngembaba elokuthi akathembekile u NSFAS.

Nase Majuba TVET College abafundi bakhala esifanayo njengoba abafundi abayingxenye ye EFFYC okuwuphiko lwentsha sebeveze ukuthi bazoyingxoba mhlaka 14 April 2025 nokuyilapho bazobe bebheke Central Office behambise uhlu lwezikhalo. Okunye okusohlwini lwezikhalo ukuthi kukhona abasakweletwa uNSFAS imali yangonyaka odlule nokuholele ukuthi abanye abafundi bagcine beyekile ukufunda. Abafundi babuye bakhale nezindawo abahlala kuzo njengoba omastende sebefuna ngodli imali kubafundi ukuze bezokwazi ukukhokhela ugesi namanzi.

Sikhuluma nje kunecala elifakwe emaphoyiseni njengoba kunomastende osolwa ngokusabisa umfundi emqashweni, abafundi balifaka icala emaphoyiseni kodwa bathi akalekeleli ngalutho mangabe bebika uNSFAS. Ezinye izikhalo ezifakwe abafundi kubalwa ukuluza ukuphuma kwemiphumela, omastende abangekho emthethweni kanye nokucishwa kwezikweletu zabafundi ezindala.