Aphume ngobuningi bawo amalunga eqembu le Nkatha Freedom Party emcimbini obungo mhlaka 01 May 2024 Osizweni Community Hall nokuyilapho kade kune rally yaleli qembu.
Lomcimbi bewuhanjelwe Inkosi Mzamo Buthelezi eyilunga laleli qembu elise Phalamende neliphinde libe wuSekela Mongameli weqembu, uCllr Mntwana Ndabuko Zulu oyiMeya kumkhandlu wesifunda Amajuba, uCllr Mntwana SO Zulu uSomlomo womkhandlu wesifunda Amajuba, uCllr Mntwana Thengi Zulu owu Somlomo Ka Masipala wase Newcastle kanye nabaqhamuka kweminye imikhandlu ukuzokweseka iqembu.
Ekhuluma uMhlonishwa Buthelezi wadlulisa ukuhlonipha bonke abasebenzi ngalolu suku kwazise kwakuwusuku lwabo waphinde wadlulisa ukuhlonipha labo abangasebenzi wabe esenxusa ukuthi abantu baphume ngobuningi beyovotela ushintsho bangakhohlwa yizona zonke izinto ezenzekile. Ube esegcizelela ukuthi kuningi asebekwenze eNewcastle njengoba izinto eziningi ezikhona zafika kuphethe iNkatha kanti mabebuya bazoqhubeka lapho begcine khona. Inkosi ikuhlabe kakhulu ukwentuleka kwamathuba emsebenzi nosekwenza abantu abaningi bathembele kwi EPWP nokuyinto okungafanele yenzeke .
uShenge ubuye wagxeka nokumoshwa kwemali yentela kuhulumeni njengoba kunezikhundla eziningi ezingadingeki kodwa zenziwe ukuze bezokwazi ukudla labo abaphethe kwazise bafaka abangani babo kuleminyango eminingi. Simbuza isisombululo kuloludaba uveze ukuthi bazoyinciphisa leminyango eminingi kubekhona edingekayo kuphela.
“Ivoti lethu lwangomhlaka 29 alibe Isitatimende sokukhombisa ukuthi angeke sisakubekezelela ukuthenjiswa ize leze abaholi mbumbulu. Ivoti lethu alithumele umyalezo wokuthi inkontileka yethu no ANC seyiphelile” kusho Inkosi Mzamo Buthelezi ngenkathi yethula inkulumo Osizweni Hall.