ABAKWA IEC NEWCASTLE BAHLANGENE NAMABANDLA UKUDINGIDA IQHAZA LABAZENKOLO EKUQINISENI EZOMBUSAZWE

Inhlangano engamele ukhetho eNingizimu Africa eyaziwa ngo Independent Electoral Commission ngaphansi kwesifunda Amajuba eholwa uNonhlanhla Mbonane ihlangane nezinhlelo zamabandla okade kukhona abafundisi abaphuma ngaphansi kwesifunda Amajuba kwi workshop ekade ise Black Rock Casino izolo ngomhlaka 28 February 2025 ngenhloso yokukhuthaza amabandla ukuba azibandakanye kwezombusazwe ikakhulukazi ezinhlelweni ezithinta ukuvota makukhethwa iKhansela lendawo, Ikomiti lokuphatha esikoleni, ward committees ngenhloso yokuthi lizwakale izwi labo futhi baphathwe ngendlela abafisa ngayo.

Abakwa IEC baqhamuke nezihlobo ezehlukene ekade amabandla kade enikwa wona bese eyazidingida bese beqoka isikhulumi esisodwa esizobamela ukwethula umbiko. Okugqamile ukuthi amabandla ayafisa ukuzibandakanya ekuphathweni kwezindawo akuzo kanye nasekuvoteni njengoba kade bebeka imibono ezwakalayo ngenkathi izikhulumi zisina zidedelana. Sibe sesixoxa no Rev Vusumuzi Kunene we Newcastle Religious Council oveze ukuthi balijabulele kakhulu lelithuba njengoba bekwazi ukukhuluma ngendima yebandla ekuphathweni kwezwe, uveze nokuthi bayajabula ngoba imibono yabo yemukelwe ngezandla ezimhlophe wu IEC.

Ekugcineni uNonhlanhla Mbonane wakwa IEC ubonge abezenkolo ngokuphuma ngobuningi babo bezothamela le workshop waphinde wabaqinisekisa ukuthi bqyazizwa iziphakamiso zabo futhi bazozithatha bazenze ezinye yize bengeke bathembise ukuthi konke kuzokwenzeka njengoba befisa. Uphinde watusa igxathu elidlalwa Amaphoyisa aseMajuba kanye abakwa Community Safety and Liason nokwenza umsebenzi wakhe ubelula.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *