ABE ANC ENEWCASTLE BATHI PHANSI NGOKULAHLEKA KWENQABA YEMISEBENZI E-ISCOR.

Iqembu le ANC kanye namadlelandawonye baqhinqe ngaphandle eplantini yase Arcellor Mittal Newcastle bekhala ngokulahleka kwemisebenzi engu 3500 okuhlongozwayo.

Ubuholi beqembu le ANC eMbuso Kubheka Region kade lihambisana namadlelandawonye okukhona kuwo i SACP, COSATU ne SANCO kade beqhinqe ngaphandle eIscor namhlanje mhlaka 24 January ngenhloso yokubonisa ilaka labo ngodaba lokudikizwa kwabantu abangu 3500

Leli qembu likhala ngokuthi vele isimo somnotho sibi ngakho lenkampani kumele ngabe ithola ezinye izindlela zokudala amathuba nemisebenzi kunokuba kulahleke imisebenzi. Abahambisana noKhongose bathi ukudala amathuba emisebenzi kuzolekelela ekulweni nokwesweleka kwamatoho, ububha kanye nokungalingani. Okucacile ukuthi baphume ngobuningi babo lapho abasezikhundleni eziphezulu esifundazweni njengoba bekukhona amalunga e PEC ye ANC, amalunga e-SACP asebuholini be PEC, abaholi be COSADTU KZN nabaholi be SANCO KZN.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *