Bathole ithuba lokubuza imibuzo ebalulekile oSomabhizinisi base Newcastle emcimbini okade use Blue Ridge Crystal izolo mhlaka 30 April 2025. Lomcimbi bewuhlelwe I Northern KZN Combined Economic Chambers eholwa uMnumzane Victor Cele owu Sihlalo wayo.

Esichazela ngenhloso yale business chamber uNdosi uveze ukuthi yaqala ukusebenza ngo 2022 kanti igxile kakhulu ekuhlanganiseni osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuxoxa nezinkinga ababhekene nazo baphinde bazame nokuthola isisombululo kuzona. Okunye akuvezile uCele ukuthi sebekwazile kulesikhathi ukukhuluma ngezwi elilodwa basiza abanye osomabhizinisi ukuze bathole uxhaso kukhule namabhizinisi abo. Uphinde wabonga nabo bonke oSomabhizinisi abakwazile ukuthi baphumelele nokwenze lomcimbi ube yimpumelelo, ube esekhala ngezinye izinkamapani ebezimenyiwe kodwa zagcina zingafikanga wanxusa ukuthi zisondele eduze kusetshenziswe.

Yize kunjalo kodwa umcimbi uhambe kahle kakhulu njengoba kade zikhona ezinye izinhlaka ezisiza abantu abasemabhizinisini ngokuthola nokulungiselela uxhaso lwezimali kanti kuphinde kwaba nethuba lokuthi abantu babuze imibuzo bese beya phendulwa. Ezinye zezinkampanini ekade ziyingxenye kubalwa IKZN Growth Fund, Husle Cap,Bell, NYDA, EDTEA, Sisonke Network nabanye.