BAKHALA NGENKAMPANI EBAKWELETA IMIHOLO ABASEBENZI ABAHLANZA ISIBHEDLELA SASE NEWCASTLE

Inkampani ebizwa nge Kamponga Security and Cleaning Services enikwe umsebenzi wokuhlanza isibhedlela iNewcastle Provincial Hospital esise Newcastle esineminyaka isebenza kulesibhedlela isolwa ngokungathembeki kubasebenzi ebaqashile njengoba abanye beveze ukuthi bahola mhlaka 31 kodwa kuyenzeka ize igamanxe inyanga elandelayo bengaholile.

Abasebenzi esixoxe nabo baveze ukuthi abanye babo bakweletwa imiholo yezinyanga ezimbili okubalwa kuzo ibonus ka December wangonyaka odlule kanye nenyanga ka February 2025. Kwesinye isigameko kubikwa ukuthi omunye umsebenzi wake wangahola kwaze kwaphela inyanga yesibili maqede waholelwa owenyanga eyodwa wathi mayebuza elinye iholo kwathiwa ulitholile kwahlula noma esebuya nesitatimende sase bhange kwathiwa wayithola imali.

Okunye okuvelile ukuthi abanye bagcina eminyakeni edlule ukusayina izinkontileka kanti kwakuyizinkontileka zeminyaka emithathu osekunesikhathi zaphelelwa isikhathi. Abanye bona baveze ukuthi bavuka bayosebenza zonke izinsuku kodwa abanazo izinkontileka. Omunye esixoxe naye uthe “Sesiside isikhathi sihlukunyezwa yilolu daba, okubi kakhulu ukuthi kulindeleke ukuthi sisebenze ngokuzikhandla ekubeni sisuke singaholile kokunye silambile” Ziningi ezinye izikhalo ezivezwe yilabasebenzi kodwa okuseqhulwini udaba lwemiholo kanye nempatho engeyinhle ephuma kwezinye izikhulu abazigagule ngama gama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *