Inhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge Technical Youth Skills Academy kade ihlele iworkshop ebise Bread of Life Ministries eMadadeni namhlanje mhlaka 26 April 2025 ngaseMadadeni Library ngenhloso yokuqwashisa intsha ngamakhono amqoka adingekayo empilweni esikhathini sanamhlanje.

Kwabakade behambele lomcimbi kubalwa oSomabhizinisi abancane, ama NPO, yintsha engasebenzi, abantu abadala kanye namanye amalunga omphakathi. Phakathi kwezihloko okade uhlomiluliswa ngazo umphakathi kubalwa ukubhalisa ibhizinisi ka CIPC, I COIDA, indlela yokuziphatha emsebenzini mangabe uqashiwe kanye namanye amakhono. Umhleli walo suku lwanamhlanje uManqoba Mncwango ubonge kakhulu emphakathini ngokuphuma ngobuningi bezohlomula lamakhono. Ubuye wabonga kubo bonke abaxhasile nozakwabo abaphuma kwezinye izinhlangano ngokubeseka namhlanje.

Sibuye sakhuluma no Senamile onebhizinisi lokuwotawota umzimba ithe ujabule kakhulu ukufunda nge COIDA ngoba kuzomsiza enze kangcono ebhizinisini kwazise kuningi akufundile akade engakwazi.

uZanele Mpungose wenhlangano engenzi nzuzo iSeeds of Restoration ukhuthaze abantu abasha ukuthi bafune ulwazi baphinde bahloniphe amabhizinisi abo, balandele yonke imigomo ukuze bathi belwa bebe benalo lonke iphepha eliqondile.