BASHAYE INTO ECOKEME KU MATRIC ABASE MZUMBE

Umaspala waseMzumbe ubambisene nomnyango weZemfundo ngaphansi kwesifunda soGU  babungaze abafundi baseMzumbe abaphumele ngamalengiso kugrade 12 kanye nezikole ezingu-3 ezenze kahle kumatikuletsheni kunyaka ka2024.

Imbongi u Syabonga Mpungose nabafundi bezikole zase Mzumbe

Lomcimbi ububanjelwe eMPCC kuWard 07.

“Izikole zaseMzumbe zizonke zenze kahle ngendlela emangalisayo. Imiphumela yamatikuletsheni yezikole ezingaphansi koMaspala waseMzumbe isitshengisa ngokusobala ukubaluleka kokusebenza ngokuzikhandla kanye nokubambisana. Sifisa ukubonga abazali kanye noThisha ukuzinikela ekwakheni isizwe sakusasa. Siyazi ziyaba khona izingqinamba ebudeni bendlela kepha sifisa ukusho ukuthi imisebenzi yenu emihle iyabonakala”,kubeka uSothwebhu wamakhansela uKhansela Sibongiseni Cele.

Uhla lezikole eziphume phambili(top3)

1.Mgamule High School
2.Siyakhula Secondary School
3.Mqhakama High School

Izingane eziphumelele ngamalengiso kanye nemiklomelo:

1.Dwayisa Tonia (Khathi High School)-R10 000
2. Nyawose Slindokuhle (Luthuli High School)-R8000
3. ⁠Mbhele Unako (Mthwalume High School)-R7000
4. ⁠Mhlanga Iviwe (Mthwalume High School) R6000
5. ⁠Shezi Samkeliso(Bhekameva High School)-R5000
6. ⁠Khwela Amahle(Buhlebethu High School)-R3000
7. ⁠Hlongwana Lungelo(Luthuli High School) R3000
8. ⁠Madlala Langelihle(Buhlebethu High School)R3000
9. ⁠Maluleka Uyanda(Bhekameva High School)R3000
10. ⁠Mncibi Siphesihle(Mqhakama High School)

Ukhansela Sibongiseni Cele ugoqe wathi “Umuntu uyazekhela indlu aphinde azibhidlizele yena. Impumelelo yenu bantwana ilele ezandleni zenu noma senifikile ezikhungweni zemfundo ephakeme nikhumbule emumva lapho niphuma khona lokho kuyonisiza ukukhumbula isizathu enisiyele emanyuvesi. “

📷uMzumbe local municipality

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *