EZIBUHLUNGU ZITHI SEKUQINISEKISIWE UKUVALWA KWENKAMPANI YAKWA ARCELORMITTAL

Ngemva kwezingxoxo ebeziqhubeka phakathi kuka hulumeni nenkampani yensimbi yakwa Arcelormittal kubikwa ukuthi sekucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi luzoqala maduze uhlelo lokudilizwa kwabasebenzi abalinganiselwa ku 3500 okubalwa iVereeniging ne Newcastle. Lokhu kudalwe ukuthi izingxoxo zokuhlenga lenkampani azange zibe nemiphefumulo ebilindelekile.

Ngokusho kwe Bloomberg uhlelo lokudiliza abasebenzi luzoqala evikini lokuqala ku March bese kuyelwa ngo April 2025 ukukhiqizwa kwensimbi. Kubikwa ukuthi ukwanda kwama scrapyard, izinkampani zabokufika ezikhanda insimbi okubalwa kuzo iChina nokubikwa ukuthi ziyidayisa ngamanani aphansi kudlale indima ekuvalweni kwe Arcelormittal. Okunye abakhala ngakho ka AMSA ukuthi ukungasebenzi ngendlela kojantshi kanye nokunyuka kukagesi kwenza isimo sibe nzima kakhulu kulenkampani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *