IHLABENE NGONKLOMELO INHLANGANO ENGENZI NZUZO EDLE UBHEDU ENEWCASTLE

Inhlangano yabasha ebizwa nge Amajuba District Changemakers Council idle umhlanganiso yaphuma unumber 1 kumncintiswano wezinhlangano eNewcastle Mall.

Izolo mhla ziwu 3 kuMarch 2025 u REV Vusumuzi Kunene we Newcastle Religious Council ophinde abe uMongameli wenhlangano eqophe umlando kulomncintiswano eMajuba District. I Amajuba District Changemaker Youth Council iklomeliswe iNewcastle Mall ngesitifiketi ( Certificate of appreciation and recognition) kanye noxhaso thizeni, njengenhlangano edlala indima enkulu ekuthuthukiseni abantu abasha.

Ephawula mayelana nalezindaba uRev Kunenen uthe “kuyintokozo enkulu ukuhlonishwa ngaloluhlobo njengenhlanganyelo emele abantu abasha futhi engenza inzuzo, sithanda ukubonga kubantu abasha abasisekile bonke abaseMajuba kanye nethimba le ADCYC ikakhulukazi usihlalo wayo uMiss Nomcebo Mazibuko kanye nenhlangano yezenkolo iNgqungquthela (Dr BT Dlamini, Professor MT Ntshayintshayi and councilor VN Sibeko) nethimba lonke.

Sithanda ukuhalalisa i ADCYC ngokuphuma phambili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *