IMEYA KAMASIPALA AMAJUBA DISTRICT YETHULE UMSEBENZI EWENZE NGEZINSUKU EZINGU 50 INGENE HHOVISI.

uCllr Thembelihle Zulu obambe isikhundla esishisayo sobuMeya kumasipala wesiFunda Amajuba ubize izintatheli wahlala nazo phansi izolo mhlaka 17 February njengoba kade enesithangami sezindaba ngenhloso yokudalula ibanga aselihambile kulezinsuku ezingu 50 engenile ehhovisi.

Ezintweni azibalulile ukuthi usebenza kanzima ukulungisa udaba lwamanzi njengoba kwabonakala ethula ama water tanker ayekade engasebenzi kodwa manje amatasa asiza lapho kushoda khona amanzi. Uphinde waveza ukuthi umkhandlu uzimisele nokulwa nokugxaza kwamanzi kwazise sebeqale umkhankaso olwa namanzi atholakala evuza ezindaweni eziningi kanti usuyabonakala umehluko ngenxa yalokho.

Imeya ibuye yakhala nangabantu abamosha amanzi yanxusa umphakathi ukuthi ukuqaphele lokho njengoba kunomthelela omubi ekulahlekeni kwamanzi. Alusalanga ngaphandle udaba lomthombo (reservoir) ose Braakfontein owadla umkhandlu imali engu R60 million kodwa ongasebenzi manje nokwenza kube nalesimo, uMvelase uveze ukuthi usefonqe isigqoko wakhuluma no Cllr Xolani Dube oyiMeya kamasipala wase Newcastle ecela ukuba baxhume ethangini elilodwa laphaya eBraakfontein bese bethumela amanzi emphakathini wase Danhauser Buffalo Flats.

Buka amathangi (reservoir) ase Majuba umkhandlu owavakashele izolo. Kwesokunxele ithangi iBraakfontein kanti kwesokudla iRamaphosa project.

Odabeni lwezimpompi ezingaphumi amanzi iMeya iveze ukuthi muhle umnyakazo asebewenzile kulolu daba njengoba kwezinye izindawo okubalwa kuzo i-Eastborne Farm esephuma amanzi .uCllr Mthembu uphinde wabika nokuthi luyakhathaza kakhulu udaba lwase Arcellor Mittal njengoba kungenzeka abantu abawu 3000 balahlekelwe imisebenzi kodwa kuletha ithemba ukwazi ukuthi loludaba selusezingeni lukaZwelonke njengoba umasipala waseNewcastle kanye nowesifunda Amajuba wahlangana nabaphathi balenkampani lwase ludluliselwa kuhulumeni lwesifundazwe.

uMthembu uphinde wakhombisa abezindaba ithangi lamanzi elakhiwa eDurnacol elizophakela umphakathi wase Ramaphosa nelizodla imali engaphezu kuka R170 million kanti uveze ukuthi sekusele amaphesenti angu 49 uphele lomsebenzi njengoba kulindeleke ukuthi uphele lomsebenzi ngo December 2025

Esevala uMhlonishwa uthinte udaba lwe Amajuba Matric Excellence Awards ezoba namhlanje mhlaka 18 February 2025 nokuyilapho ebike ukuthi umkhandlu uzimisele ukuhlonipha abafundi abaphase kahle umatikuletsheni ngonyaka odlule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *