IMeya ka Masipala wase Newcastle uCllr Xolani David Dube ilekelele abafundi abaphase umatikuletsheni (2024) ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme

Abafundi ababe nenhlanhla yokuthola lolu xhaso bekumele kube abahlala eNewcastle, abaphasile umatikuletsheni kanye nasebethathiwe ezikhungweni zemfundo ephakeme . Ihhovisi lezokuxhumana kulomasipala liqinisekise ukuthi bayi 100 abafundi abalekelwe ngemali engu R5000 umuntu ngamunye ukuze babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ekhuluma uCllr Dube uthe “Lesenzo sikhombisa ukuzinikela kukamasipala ekwesekeni abafundi abaphuma emindenini ebhekene nezingqinamba ezehlukene.”
Ekhuluma emcimbini wokunikezwa kwalabafundi uxasho obuse Newcastle Town Hall uDube udonse ngendlebe abafundi ebayala ngokuthi balibambisise lelithuba ngoba imfundo iwukhiye wekusasa labo.Esevala inkulumo uMeya uveze ukuthi bayabuqonda ubunzima okubhekene nabafundi ngakho bazama ukwehlisa umthwalo ngalolu xhaso. Abazali nabafundi bajabule kakhulu ngokwesekwa kanti abafundi bazibophezele ngokuthi bazozimisela ukuze baphumelele izifundo zabo.