Uvalwe ngegiya eliphezulu umkhankaso we 16 Days of Activism oqale mhlaka 25 November waphela namhlanje mhlaka 10 December 2024. iNormandiem CPF & Youth Desk isebenzise usuku lwanamhlanje ukufuniswa umphakathi ngodlame olubhekiswe ezinganeni nakubantu besifazane kanti bona banxuse ukugxila kubantwana abaphila nokukhubazeka.
Izikhulumi zivumelene ekutheni kubalulekile ukuthi umphakathi ubike ubugebengu obenzekayo ikakhulukazi obubhekiswe ezinganeni eziphila nokukhubazeka ngoba zona azikwazi ukuzikhulumela ngesinye isikhathi. Abazali bafundiswe ngokubaluleka kokuthanda izingane zabo eziphila nokukhubazeka ngoba ziyisipho esivela kumdali.
Abazali babuye batshelwa ngokubaluleka kokusebenzisa izinhlaka ezifana nama Social Worker, uMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi, yizikhungo ezifana no I Matter Foundation ezisebenza ngabantu abaphila nokukhubazeka. Amaphoyisa abuye agxila ekutheni inhlonipho iqala ekhaya ngakho izingane kumele zifundiswe inhlonipho, ziphinde zijeziswe mangabe zisephutheni kodwa zingabe sezishaywa zilinyazwe ngoba yicala lelo.
uMajor General Alexander ubonge abahleli bomcimbi wase efundisa umphakathi ngokubaluleka kokuhlalisana kahle balandele nemithetho ebekiwe. Ukhuze abantu ababangela omakhelwane umsindo wathi bazoboshwa uma bengalaleli, abaphuzela emgaqweni nabo angeke basale ngaphandle, abafuyi bakhuthazwe ukuthi baphawule imfuyo yabo ukuze mayitholakala ibuyiselwe kubona.