Namhlanje umasipala wase Newcastle oholwa iMeya uCllr D. X Dube uvakashele ezikoleni iNkululekweni nase Hlalunolwazi Primary School eziku ward 33 eDicks nokuyi ward eliphethwe uCllr Buthelezi.

Ithimba bekade liholwe uMntwana uCllr T.M Zulu ongu Somlomo womkhandlu wase Newcastle nokuyilapho kade kuqhutshwa umkhankaso we “Back to School campaign”. Osukwini lwanamhlanje banikele ngezicathulo zesikole ezingu 50 kanye nemifaniswano engu 50, lokhu kwenziwa ngenhloso yokulekelela abafundi kwazise baphuma emakhaya angefani.

uCllr T. M Zulu uveze ukuthi ukunikelela lezikole yindlela umkhandlu ozama ukuthi ulekelele abafundi ukuze babe nekusasa eliqhakazile kanti mgalomnikelo bakhombisa ukuthi umkhandlu uzibophezele ukunceda labafundi abayi kusasa le Newcastle.

uCllr D. X Dube uthe lomkhankaso ubaluleke kakhulu njengoba kuyindlela abasondela ngayo emphakathini bese belekelela labo abadinga usizo nokuyinto abazimisele kakhulu ngayo. uNyamazane uveze ukuthi bazoqhubeka nokulekelela abafundi ukuze isimo sabo sibe ngconywana futhi bathole nezidingo zesikole.