Injabulo kuvulwa ihholo lomphakathi ENtendeka kuward 10

Imeya yase Dannhauser uCllr B.A Radebe ehambisana no Mama Somlomo uCllr SW Ndlela kanye nama Cllr ase Dannhauser bavule ngokusemthethweni ihholo lase Ntendeka. Leli hholo kuhlala abantu abangu 350, lunendawo yokupaka kuphinde kungene nabantu abahamba ngama wheel chair.

IMeya ebigcwele intokozo itshele umphakathi ukuthi kulendawo kuzoba nemicimbi ehlukene waphinde wanxusa umphakathi ukuba ulisebenzise futhi ulinakekele ihholo lawo. Imeya ibuye yanikelela imindeni emihlanu ngokudla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *