Namhlanje kade silaphaya Osizweni Section D kuvulwa indlu ka Nonhlanhla Winnie Love Polteni ayakhelwa iqembu Inkatha Freedom Party esifundeni Amajuba.

Sixoxe no Cllr Lindo Mazibuko waku le wadi wasitshela ukuthi ubonga kakhulu ku Thami Khumalo Nzuza ngokuqhamuka nalombono nokufaka isandla ephaketheni kwakhe ukuze yakhiwe ize iphele lendlu. UMntwana Cllr Thengi Zulu ongu Sihlalo weqembu le IFP obambile esifundeni Amajuba uthe “, Siyabancoma kakhulu ngalokhu abakwenze kusuka ezinhliziyweni zabo ngoba kuyimfundiso ka Mntwana uMangosuthu Buthelezi ongu Msunguli weqembu ukuthi kulekelelwa abantu abaswele ngabe ziningi
kangaka izikole ezakhiwa kulesifundazwe ukube kwakungesiye. “

UZulu uphinde wasikhumbuza ukuthi lokhu kwenziwe kahle njengoba iqembu leNkatha ligubha iminyaka engu 50 lasungulwa. Ube eseveza ukuthi uyafisa yande imisebenzi yalolu hlobo ngoba iqembu le Nkatha liyanakekele. Sibe sesixoxa no Nonhlanhla Polteni oneminyaka ongu 59 owakhelwe indlu wasitshela ukuthi ujabule kakhulu ngesipho anikwe sona njengoba kade inzima impilo kuyena, amanzi bekade exhaxhaza endlini malina kodwa wathuka wakhihla isililo ngevalentine yalonyaka mhlazane efika sekumbiwe imisele ekhombisa ukuthi kuzokwakhiwa indlu. Ube esezibongela kubobobnke abafake isandla ukuze lomsebenzi uphumelele.

Ngaphezu kokwakhelwa indlu kuphinde kwathengwa nefenisha yasendlini ukuze athokomale endlini yakhe entsha umama. Sithi Halala ngomsebenzi omuhle.