
Uqale ngegiya eliphezulu umcimbi wokuvula i-2025 Career Expo ese Newcastle Farmers Hall eqala namhlanje mhlaka 24 February ezoze iphele mhlaka 28 February 2025.
Umcimbi wanamhlanje uvulwe Imeya yedolobha uCllr Xolani David David Dube obephelezelwa iManager yomkhandlu uMnumzane Zamani Mcineka, uSomlomo uMntwana uCllr Thengi, uCllr Zwe Nxumalo owu Sotswebhu, isithunywa ebesimele umnyango Wezemfundo, amakhansela kanye nezinye izikhulu. Ekhuluma nabafundi abebegcwele ihholo uCllr Dube ubakhuthaze ukuthi basheshe bazithole besebancane ukuthi bafuna ukuba yini empilweni ukuze bezoqala manje ukulwela ikusasa labo. Imeya ixoxele abafundi udaba lwayo lokuthi isakhula yayifisa ukuba isosha kodwa othisha bahlala phansi nayo bayinxenxa ukuba icabange omunye umsebenzi engawenza mangabe engasekho amandla okulwa nokuyilapho yaqala khona ukushintsha indlela ebuka ngayo impilo. UNyamazane ubuye wagcizelela umthelela omuhle olethwa yile Career Expo ezimpilweni zabafundi njengoba imiphumela ikhombise ukubangcono kuleminyaka emithathu kuqhutshwa le Expo nokuyinto ayishayele ihlombe.

UMnumzane Zamani Mcineka yena ukhuthaze abafundi ukuthi bahloniphe abantu abadala ikakhulukazi omama kanti ukhale nangezinga eliphezulu lokuphuzwa kotshwala izingane nokuyinto ayigxekile ebadonsa ngendlebe ukuthi bafunde ukuze bashintshe isimo emakhaya kwazise abanye abazali abafundile kodwa bathembele kuzona lezingane ukuthi zishintshe umlando womndeni. UMnumzane Mcineka naye utshele abafundi ngephupho lakhe lokushayela ibhasi esakhula ngenxa yokuthi umshayeli wangakubo wayelishintsha kamnandi ibhasi kodwa ngebhadi ubaba wakhe wayefisa abe udokotela yize lokho kwagcina kungenzekanga kodwa uthe uyaziqhenya ngayikho manje.

Okucacile ukuthi zonke izikhulumi bezigqugquzela abafundi ukuthi bazimisele baqale kusemanje ukushintsha ikusasa labo. Abafundi baphinde bakhuthazwa nokuthi bahambele wonke ama exhibitors ukuze bathole ulwazi olutholakala mahhala njengoba kukhona amakolishi, amanyuvesi, ama Seta nezinye izinkampani ezisemkhakheni wezemfundo.
#2025Careerexpo #newcastlemunicipality #litradionews