Kuboshwe owase Ndiya otholakale namabhokisi agwayi angu 687 izolo eNewcastle

Ube yimpumelelo umkhankaso Wamaphoyisa ase Newcastle wokulwa nobugebengu esifundeni Amajuba njengoba izolo mhlaka 5 February 2025 kubanjwe umlisa wase Ndiya ohlala e Lennoxton ku Loxton St okade enendawo yokugcina ugwayi ongekho emthethweni.

Amaphoyisa asetshele lomsakazo ukuthi athole ithiphu mayelana nalendawo ebigcina ugwayi base benikela khona bafike bathola amabhokisi kagwayi angu 687 okade ugcinwe emotweni nase store room kanti ungabiza R7. 6 million (R7, 680 000) kwaphinde kwathathwa nezimoto ezintathu ezingabiza R2 million.

Umkhankaso wokubamba lomsolwa kade uholwa izinhlaka ezehlukene zamaphoyisa okubalwa ithimba le District Crime Intelligent, District Task Team, Newcastle SAPS, Newcastle POP, Barnard Security kanye ne OPS Security. IMeya yesifunda Amajuba uCllr Thembelihle Mthembu nayo seyishayele ihlombe amaphoyisa ngalomsebenzi omuhle wokulwa nobugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *