Kuhalaliselwe abafundi base Newcastle abashaye into ecokeme ku matikuletsheni

Kuhlonishwe abafundi abenze kahle ku matikuletsheni ka 2024 eNewcastle emcimbini okade use Black Rock Casino izolo mhlaka 22 January 2025. Izikhulumi zisine zidedelana zincoma umsebenzi omuhle owenziwe abafundi nokubeka indawo yangakubo ebalazweni. uMnumzane Zembethe Nkosi obekade emele uDirector Wezemfundo esifundeni Amajuba uveze ukuthi Amajuba enze umsebenzi incomekayo njengoba elale isithathu KwaZulu-Natal Natal ngaphezu kwalokho lesifunda sikwazi ukuzibekela indawo kwi Top 10 kazwelonke.

Uphinde wancoma ukusebenzisana okuhle phakathi kwehhovisi lomnyango Wezemfundo kanye kanye nomasipala wase Newcastle nathi kwenza kusebenzeke kalula.IMeya yase Newcastle uCllr Xolani David Dube iqinisekise abafundi nabazali ukuthi ihhovisi lakhe lizinikele ekuqinisekiseni ukuphumelela kwabafundi njengoba ebale izinhlelo eziningi ezikhona okubalwa kuzo iCareer Exhibition, Youth in Business, Mayor’s Bursary Scheme, Study assistance nezinye izinhlelo. uNyamazane ubuye wancoma lezingane ngokuphumela ku matikuletsheni yize noma kade kunesihlava se gangsterism ekade sibeka ukubala engcupheni.

Akawashiyanga namaphoyisa njengoba encome ukusebenzisana okuhle okukhona phakathi kwakhe no Major General Alexander ongu Mkhuzi Wamaphoyisa esifundeni Amajuba.

Abafundi abaphume kwi Top 10 bahambe bemamatheka njengoba bethole imikomelo okubalwa kuyo laptop, printer kanye nemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *