IMeya ka masipala Umvoti ikhala ngesihluku somzukulu somzukulu eneminyaka eko 20 ohlala ku ward 5 eNseleni owagwaza ugogo wakhe amanxeba amaningi waze wafa ngobusuku boncikijane (new year’s eve).
Umzukulu waqeda lapho wabasa umlilo watshela omakhelwane nomndeni ukuthi wosa inyama yengulube kanti upheka ugogo wakhe. uCllr GZ Malembe(Umvoti Mayor) usesigxeke kakhulu lesehlakalo sokubulawa kwesaguga ngalendlela eshaqisayo waze walibeka ngembaba ukuthi izenzo zalolu hlobo azimukelekile kwazise vele kudlangile ubugebengu obubhekiswe kwabesimame ne GBV kulezinsuku. Ube esedlulisa amazwi okuzwelana nomndeni olahlekelwe.
IMeya ibe seyithola ukuthi icala lavulwa kanti umsolwa useboshiwe nokuyilapho enxuse khona ukuthi amaphoyisa ase Kranskop alwenzise uphenyo ukuze umndeni uzothola ubulungiswa kulolu daba. Ube esenxusa umphakathi ukuba uze ngaphambili ubike noma yibuphi ubugebengu obenzekayo ukuze amaphoyisa ezibhekana nabo. Okunye okucacile ukuthi umkhandlu wase Mvoti uzimisele ngokulekelela lomndeni ohanjelwe ngezindleko zomngcwabo.