Kuklonyeliswe abafundi abaphase kahle uMatric ngaphansi kuka maspala wase Danhausser

Bekukuhle kudelile ngo Lwesine mhlaka 30 January 2025 ngenkathi uCllr BA  Hadede oyi Meya ka Masipala wase Dannhauser ngokubambisana ne Nyatee Foundation kanye noMnyango Wezemfundo beklomelisa abafundi abaphase kahle umatric ngonyaka ka 2024.

Umcimbi bewupbethwe ngesinono u-Alex Mthiyane womsakazo iGagasi FM kanti ezinye izikhulumi ebezikhona kubalwa uPastor Lungi Magwaza wase KLMI no Mnumzane Vilakazi osebenza ka Department of Education.

Lomcimbi bewuhlose ukuhlonipha abafundi abayishumi abaphuma ezikoleni eziphase ngo 100%. Inhlangano engenzi nzuzo yase Dannhauser iNYATEE Foundation imemezele ukuthi izonikela ngomfundaze ka  R62,000 ukuze lemali idluliselwe kuba fundi abayidingayo. Imeya uRadebe ibe seyikhipha ama laptop amathathu yanika abafundi abakwi top 3 kanye nemali ewukheshi.

Izikole ezishaye into ecokeme kwi Top 3 yilezi

Muzokhanyayo Secondary School
Siphuthando Secondary school kanye ne
Phatha kahle High School

Abafundi abaphume kwi To 5 yilaba

Minenhle Ngobese
Nomcebo Cele
Siyathokoza Ndaba
Ayanda Ndlovu kanye no
Khululiwe Mbatha

Sithanda ukufisela bonke abafundi abaphume kwi top 10 okuhle kodwa empilweni nezifiso zabo zifezeke.

#DannhauserLocalMunicipality #litradionews #ClassOf2024 #AcademicExcellence

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *