Abakwa KZN Private Ambulance Service babike ukuthi basanda kubizelwa esigamekweni sengozi eyenzeke namhlanje mhlaka 01 December 2024 Shelly Beach.
Lengozi kade iphakathi kwemoto encane netekisi elithutha umphakathi kanti abantu ababili balimele kanzima kwathi abawu 15 bathola imihuzuko.Umuntu oyedwa kade ebhajwe emotweni yakhe kuze kwasetshenziswa amasaha nemishini ukuze akhishwe emotweni. Bonke abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela.