Kumiswe 60% wamabhanoyi akwa SAA ngenxa yesiteleka abashayeli.

Abakwa SAA sebephoqeleke ukuthi bayekise ingxenye yama bhanoyi abo awu 60 % ngenxa yokuthi abashayeli bebeke phansi amathuluzi.

Abashayeli abangaphansi kwenyunyane i-SAA Pilots Association bafuna ukunyuselwa amaholo kanye nezimo ezingcono zokusebenza.

Inkampani yamabhanoyi yona ibeka etafuleni isiphakamiso esingamaphesenti awu 8 kanti abashayeli bona bathi abagudluki kuma phesenti awu 15.7

Lesimo sesiphazamise ukuhamba wamabhanoyi ahambela eThekwini, Cape Town, Gqeberha, Mauritius nase Windhoek. Inkampani yakwa SAA seyiveze ukuthi abagibeli bazofakwa emabhanoyini alandelayo mangabe ikhona indawo ukuze baqhubeke nohambo lwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *