Kunikelelwe ngokudla iBuyelekhaya Women’s Club yase Madadeni

Namhlanje mhlaka 10 April 2025 isibhedlela sase Madadeni siholwa u Mrs HSL Khanyi kanye ne Mediclinic Newcastle ekade imelwe u Sister Heather Govere bavakashele iBuyelekhaya Women’s Club NPO ngenxoso yokunikela ngokudla okusemakanini okade kuqoqwe kulezibhedlela.

iBuyelekhaya inhlangano engenzi nzuzo esungulwe ngenhloso yokusiza abantu abangathathi ntweni abahlala eMadadeni nasezindaweni eziseduze. Igxile kakhulu kubantu abaphathwa isifo se dementia ne alzeihmer. Abantu abadala balujabulele kakhulu namhlanje baphinde badlulisa nokubonga esibhedlela sase Madadeni nase Mediclinic Newcastle ngalomkhankaso omuhle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *