Kubukeka zimhambela kahle izinto uNhlanhla Allan Thami waseMadadeni e section 5 ongumculi uphinde abe nguthisha eSabela High School khona eMadadeni. Sikhuluma naye uthe, kusukela ebuncaneni wayecula esikoleni eBorading school eSwazini .Wayekwikhwaya yabafana ecula nozakwabo nase ase sontweni wayecula aphinde adlale i-keyboard ahole nabaculi.
Umnikazi weMdabula Music owayefunda naye esikoleni esisodwa naye ubuye wahlangana naye wambuza ukuthi usacula na ,ube esemhlanganisa ne-recording deal abasebenza nayo kusukela ngo-2019 kuze kube yimanje.
Ngo-2019 benze i-albhamu enezingoma ezingu-13 enengoma eshisa izikhotha ethi Langa Limbi kanti kulo nyaka benze izingoma ezimbili ezithi UNobuhle ephuma kuTop 10 yoKhozi FM kanye neLahlumlenze esebenzisana noMaster KG noBig Zulu saphinde sacula noCharllot Lyfe emculweni.
Uthe ukuba kuTop 10 yokhozi FM bekuyiyona nhloso yeMdabula Music. Kube yinjabulo ukubona abantu beqaphela umculo wami elokishini lami eMadadeni naseNewcastle ngobubanzi. Umdlalo usaqhubeka njengoba sinxenxa abalaleli ukweseka umculo wethu futhi sikholelwa ukuthi indawo engunombolo 1 ingeyethu UNGA vote uthi Ingoma D ku 35615