Kusazobanzima kulabo abahlela ukuhamba ilong distance kulezinsuku njengoba uSoseshini wamatekisi ufunge wagomela ukuthi angeke ubuyele emgaqweni uma inkinga yabo yokuthathelwa amatekisi ingaxazululeki, bathi bafuna kudedelwe amatekisi abo aboshwe amaphoyisa oMnyango WezokuThutha.
Ngokusho kwabo bafuna uMEC Wezokuthutha uMnumzane Sboniso Duma amise uShanela obhizi ubathathela izimoto zabo, bakhala ngokuthi uDuma ukwazile ukumisa loluhlelo lukaShanela ePort Shepstone ngoba kungakubo kodwa kwezinye izindawo bathwele kanzima ikakhulukazi ngoba sekuqale isikhathi esimatasa samaholidi. Osomatekisi bayafunga bayagomela ukuthi angeke baqhubeke bathathe abagibeli abaya ezindaweni ezikule ezifana no Goli, Thekwini, Eastern Cape nakwezinye Izindawo uma singekho isixazulululo.
Vele sekuyazwela kubagibeli njengoba ngoLwesihlanu nango Mgqibelo abanye bajika emarenke nezimpahla zabo, abanye bahlwelwa emadolobheni bangabe besakwazi ukuqhubekela phambili nokuyisimo abakhala ngokuthi sibalimaza kakhulu kwazise kunemingcwabo, imishado neminye imicimbi emqoka okumele bayihambele kodwa sebephenduka umtshingo ubethwa ngubani.