Kushone abantu ababili kwalimala abantu abangu 20 engozini eyenzeke namhlanje ebusuku ku N3 eduze kwase Makethe ePietermaritzburg.
Ngokusho kuka Graig Botha osebenza enkampanini KZN Private Ambulance Service kulengozi kushayisene amaloli amabili kanye nebhasi ebeligcwele phama abantu. Abezimo eziphuthumayo bafike kulendawo bazama ukutakula abalimele kodwa ngeshwa abantu ababili bashonele endaweni yengozi bengakafiki abasebenza ngezimo ezibucayi.
Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela kanti sekuqalwe uphenyo mayelana nembangela yengozi. Sengathi bangaphumula ngokuthula abashonile bese belulama ngokushesha abalimele.