Sekuvele ubufakazi obushaqisayo bokuthi kwagxishwa amaplastic epayipini lamanzi eliyinsimbi ukuze amanzi angafinyeleli emphakathini owakhele Izindawo ezise Sahlumbe – KZN.
Lokhu kucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ngenkathi kuhlolwa ipayipi ngemva kokuba kade sekushintshwe izinjini ezithumela amanzi kwi pump station yase Tugela Estates kodwa kwanhlanga zimuka nomoya aqhubeka nokungabikho iminyaka amanzi ezindaweni zako Mhlumayo nase Mtelebhu nokwenze impilo yanzima satshe kubantu bakelezindawo.
IMeya yalomkhandlu wesiFunda UThukela Inkosi Cllr Shabalala isigxeka kakhulu lesenzo sokuhluphekisa umphakathi yase ijuba uMphathi womkhandlu ukuba aqale uphenyo olushesha yo mayelana nalolu daba ukuze kucace ukuth obani lezingangi.