Ube yimpumelelo umcimbi ka Masipala wase Newcastle wokwethula usonkontileka iSkhumbulukwenza Trading Enterprise eyakha umgwaqo wetiyela wase ward 28 ozodla umkhandlu imali engu R14. 1 million nokulindeleke ukuthi uphele ngo July 2025. Kulomsebenzi womgwaqo ngamamitha awu 500 kulindeleke ukuthi kube namathuna omsebenzi angu 15 nokuyilapho kulindeleke ukuthi uKhansela Bheki Zwane aqashe abantu abahlala kulewadi nokulindeleke ukuthi kubekhona umuntu oyedwa ophila nokukhubazeka kulaba abazoqashwa.
UMntwana Clrr Thengi Zulu udonse ngendlebe iCllr lendawo ukuthi lenze isiqiniseko sokuthi akubi nokukhuluma mangabe sekuqashwa abantu abazosebenza, kunalokho kusetshenzwe ngendlela evulelekile ukuze abantu bagculiseke. Ngaphezu kwalokho kulindeleke ukuthi kuhlomule osonkontileka bendawo abahlanu kulomsebenzi. uSomlomo unxuse usonkontileka ophethe lomsebenzi ukuthi abathuthukise osonkontileka abancane bendawo nabo bakwazi ukukhula ekupheleni kwalomsebenzi.
Nakhona ugcizelele ukuthi manje kumele kudibhe ezenduna nokutolikwa ngokuthi kumele kuhlomule abendawo ngoba vele umsebenzi owabo. uZulu uphinde wahlaba osonkontileka abangakwazi ukuqhuba umsebenzi ngoba bengakakhokhelwa ezeseka ngokuthi kumele usomabhizinisi abe nokuncane kokugada umsebenzi hhayi ukulindela ukuthi yonkinto iphume kumasipala. Abahlali Baku ward 28 bajujabulele ukwethulwa kwalomsebenzi base beveza ukuthi balindele ukuhlomula hhayi ukuthi kuhlomule abantu bakwamanye amawadi ngoba nabo bayakwazi ukusebenza.
Kubuye kwabakhona nezinye izinhlaka okubalwa Ezokuthutha, UMnyango ka Gesi, Ezempilo, ihhovisi lentsha, LED neminye ekade izolekela umphakathi. Lomcimbi bekade uqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo se Operation Sisebenzela wena kanti nase ward 19 umphakathi bewuphume ngobuningi uzohlangana nehhovisi lemeya wase wethula izinkinga zawo okubalwa kuzo udaba lukagesi kanye nodaba lwezibonelelo njengoba kade likhona nehhovisi lakwa SASSA.