Isizoba lula impilo kubafundi, intsha efuna umsebenzi kanye namanye amalunga omphakathi kulandela ukuthi kwethulwe iwifi yokuqala Osizweni Section D nezolandelwa amanye ama wifi nokuhloswe ukuthi ugcine wonke umphakathi wale wadi sewukwazi ukusizakala ngale wifi.

Akusiyo kuphela iwifi ethuliwe osukwini lwanamhlanje njengoba kubuye kwethulwa amacamera azosiza ukunciphisa ubugebengu endaweni njengoba ezoqopha okwenzeka emgaqweni ubusuku nemini. Lentuthuko ilethwe uMnumzane Thami Nzuza owuSihlalo weqembu le IFP ngaphansi kwe Sibonelo Branch.

uNzuza utshele umphakathi ukuthi ukubone kubalulekile ukuletha le wifi njengoba izingane ezifunda isikole ziyidinga ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi wesikole. Elandisa umphakathi uThami uthe ” Lokhu kuzosiza ukuthi izingane zihlale emakhaya zingabi uvanzi ukuze kugwemeke izimo okubalwa ukumitha njengoba ingane kokunye iphuma sengathi iye library kanti iyoganga.”

Ngaphezu kwalokhu kuzosizakala omaka Enzoh njengoba bezokwazi ukuxhumana nobaba bezingane mangabe bengenalo idata, bazophinde futhi bakwazi ukufaka izicelo zamisebenzi. uCllr Lindeni Mazibuko yena ubonge kakhulu ku Mshazi ngokuqhamuka nalesu elizosiza umphakathi njengoba elakhe ipleti ligcwele kwazise uzama ukulekelel umphakathi. Ubalule ukuthi ubugebengu kuyinkinga kakhulu emphakathini ngakho bayethemba ukuthi ama camera azokwazi ukuthi kubonakale izigangi. Elinye ilunga lomphakathi ebeliyingxenye yalomcimbi libonge kakhulu ku Nzuza lathi liyethemba ukuthi nezihlobo sezizoza kovakasha ngoba phela abanye abantu sebeyasaba ukuza kulendawo ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu.