KWETHULWE UMKHANKASO WOKUQGUQGUZELA UKUPHEPHA EMGAQWENI NGAMAHOLIDI EPHASIKA ENEWCASTLE.

Umasipala wase Newcastle wethule umkhankaso wokuqinisekisa ukuphepha emgaqweni kulamaholidi ephasika namhlanje eMasosheni ngase Black Rock Casino.

Kulo mkhankaso kade behambisana no Department of Transport, Amajuba District Municipality, SANTACO, SAPS no RTI kanti bewuholwa IMeya uCllr Xolani David Dube ephelezelwa uCllr Thembelihle Mthembu, Ibamba leMeya kumasipala Amajuba, Mntwana Cllr Thengi Zulu, uSomlomo, uCllr ME Hlatshwayo, uMnumzane Zamani Mcineka uMenenja yomkhandlu nezinye izikhulu.

Abashayeli bayakhuthazwa ukuthi balandele imithetho yomgwaqo baphinde baqinisekise ukuthi izimoto zisesimeni esifanele ngasosonke isikhathi. uCllr Thengi Zulu ugcizelele ukuthi amaphoyisa azobe egcwele umgwaqo ngenhloso wokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle emgaqweni nokuzama ukunciphisa izingozi. Isiqubulo salonyaka sithi “Zivikele wena, uvikele abanye” sihlose ukukhuthaza abashayeli ukuthi bacophele ukuze kugwemeke ukulahleka kwezimpilo emgaqweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *