LIHLANGENE NOMPHAKATHI WAKU WARD 20 ENEWCASTLE IQEMBU LE ACTION SA

Iqembu le Action SA lihlangene nomphakathi waku ward 20 eNewcastle ngenhloso yokuzwa izidingo zomphakathi.

Iqembu le Action SA eNewcastle lihlangane nabahlali base Section 3 ngase Khenana eNewcastle namhlanje mhlaka 05 March 2025. Ekhuluma nomphakathi uCllr Zwe Nxumalo waleli qembu uthembise umphakathi ukuthi bazimisele ukuthatha izikhalazo zabo bese bedlulisela emnyangweni efanele emkhandlwini ukuze kulekelelwa abantu.

Izinkinga abazibalile kubalwa ukungabi nama ID kwabahlali kanti umphakathi ube sewusina udedelana ubeka izimvo zawo.. Okugqamile ukuthi kunesidingo somgwaqo, ugesi, imisebenzi namathoyilethi kuleyandawo njengoba abahlali belokhu bakhalile ngalezinto. Ubuholi be Action SA kuthembise ukuhlangana nomphakathi njalo ngenyanga ukuze kuzobalula ukusebenzisana. Ekupheleni komcimbi umphakathi ube sewunikwa okuya ngasethunjini njengoba kade kune soup kitchen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *