
Omama bemboni yamatekisi ngaphansi kwe SANTACO Amajuba Region banqume ukuhlonipha ngezipho uSiyabonga ‘Bhuti Weh’ Ximba ozakhele udumo ngokujabulisa abagibeli mangabe besekhumbini ayishayelayo. Lomshayeli usezakhele idumela ezinkundleni zokuxhumana ngama video abamshutha wona agcwele ko TikTok.

Umama Phumzile Kunene osembonini yezokuthutha uthe “Sibone kubalulekile ukuthi simncome uBonga singomama bemboni ngomsebenzi omuhle awenzayo. Okuhle ukuthi akahlonzwanga yithina kodwa uhlonzwe abantu abamfake emaphepheni nasezinkundleni zokuxhumana. Sibonga nokuthi uyabahlonipha abagibeli futhi uyayazisa imali yabo njengoba eyibiza ngomnikelo nokuchaza ukuthi uyaqonda ukuthi basuke beyikhulekele bese belula isandla.”

Umama Kunene ubuye wasitshela ukuthi uBonga akaqali manje ukwenza kahle njengoba esevele eneminyaka enza lomsebenzi mgokuzimisela. Ube esekhuthaza nabanye abashayeli ukuthi bazimisele basike iphethini kuBhuti Weh. Sixoxa naye uBonga usitshele ukuthi yena akwenzayo wenzela umphakathi ngakho uyabonga ngalokho abamenzele khona. Sithi Halala Bonga uqhubeke njalo nomsebenzi omuhle.