Sezikhuthuza nge speed izigebengu eNanda

Kukhalwa ngezigebengu zasendaweni yase Bhambayi eNanda ezihlalise umphakathi lubhojozi njengoba sezihamba ziphethe ama speed point machine ukuze zibambe inkunzi.

Umlaleli ofone namhlanje ekuseni emsakazweni Izwi Lomzansi FM uthe “Uyazi msakazi izigebengu zase Bhambayi seziqale umkhuba omusha manje futhi nje iNanda yonke.” Ezikwenzayo ukuthi mangabe zikubamba inkunzi zikuphuca ifoni nemali kodwa mazithola ukuthi awunayo imali zivele zikhiphe ispeed point ziku khokhise ngekhadi bese ziyahamba.

Umlaleli ukhale ngokuthi lesimo sesenze bangenwa yitwetwe kakhulu kunakuqala manje ngoba uyethusa lomkhuba omusha owenziwa abafana abancane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *