Sesikhuphuke safika kwabayisithupha isibalo sabantu abaphethe iMpox eNingizimu Africa njengoba sekubikwe umlisa oneminyaka engu-38 osanda kuhlaselwa yilesifo kulandela ukuthi ekhale ngekhanda, izilonda emlonyeni, ukukhathala kanye nophipho obuhlungu. Lokhu sekwenze inombolo yakhuphuka yayofika ku-6, bane kulesifundazwe (KZN) bese beba babili eGoli.