Amaphoyisa ase Maake abophe indoda eneminyaka engu 40 ngemva kokuba idubule yabulala umlisa oneminyaka engu 30 ekade imsola ngokuba nobudlelwane nonkosikazi wayo.
Lesehlakalo senzeke ndaweni yase Sofaya ngoMgqibelo mhlaka 11 January 2025 ngezithuba zo 03:15. Ngokombiko umsolwa nomkakhe babe nengxabano mayelana nobudlelwane babo baze banquma ukuthi baye lapho kuhlala khona umufi. Bathe mabefika khona bangqongqoza wase evula umnyango umufi nokuyilapho indoda ibe seyimdubula wawa phansi.
Abezimo eziphuthumayo bafike bathola ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama. Umsolwa ube eseyahamba wayozinikela emaphoyiseni ase Maruleng nokuyilapho ephucwe khona isibhamu. UKhomishana Wamaphoyisa eLimpopo uLt Colenel General Thembi Hadebe usigxeke kakhulu lesigameko, wakhuthaza izithandani ukuba zizame ukuxazulula izinkinga zazo ngaphandle kokuthi kubulawe umuntu.