Ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele owesifazane owashisa isoka nge acid.

Inkantolo yesiFunda eVerulam, imgwebe iminyaka ewu-10 owesifazane owazama ukubulala isoka lakhe nge-acid.

IMantshi uSanele Hlatshwayo, igwebe uLethiwe Princess Mthimkhulu (31) ngecala lokuzama ukubulala uMnuz Phakamani Sibiya (34), nelokweba ifoni yakhe. uPrincess kubikwa ukuthi wahlangana nesoka lakhe bachatha uPhakamani ngecid babuye bambhunyela ngabo baphinde bazama ukumphuzisa yona.

uPhakamani ubonakele emehlweni ukuthi akajabule ngalesigwebo njengoba kuthiwa uPrincess wazivumela enkantolo yena ukuthi walenza lecala. Okunye okuxaka kakhulu ukuthi sekuze kwafika ekutheni kukhishwe isigwebo kodwa akaze waboshwa umuntu owayesebenzisana nalo wesifazane ngenkathi bezama ukubulala uPhakamani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *