Inkantolo yase Madadeni Regional Court igwebe udilikajele indoda eneminyaka engu 61 esolwa ngokudlwengula umshana wayo kusukela ngo 1996-2001.
Ummangali wayehlala nomndeni wakhe eMadadeni kanti wabe esedlwengulwa umfowabo wathi mangabe etshela umama wakhe kwabizwa umndeni lwaxoxwa udaba langavulwa icala emaphoyiseni. Kunalokho kwabe sekuthathwa isisulu sayohlala nomalume waso Osizweni. Umalume wabe eseqala edlwengula umshana izikhawu ezahlukene kusukela ngo 1996 phezu kwalokho wayebuye ambukise izithombe zocansi(porn) mangabe besele bobabili.
Kwesinye isigameko uNkosikazi kamsolwa wake wababamba umalume edlwengula umshana kodwa umalumekazi washaya umgilwa emsola ngokugila amanyala nomyeni wakhe. Isisulu saqeda umatikuletsheni ngo 2001 sayohlala kwesinye isifundazwe. Umgilwa wabe esebhoboka ngalolu daba ngo 2002 waya emaphoyiseni alapho ayehlala khona.
Icala labe selidluluselwa eMadadeni FCS okuwuphiko olubhekene nobugebengu basekhaya kanye namacala ahlobene nocansi. Umgilwa watshela inkantolo yase Madadeni ngenkathi efakaza ukuthi lesehlakalo simshiye nesilonda esingeke siphole. Umsolwa ugwetshwe udilikajele kanti futhi kuthiwe akakulungele ukuphatha isibhamu phezu kwalokho igama lakhe lizofakwa kwi National Child Protection Register nokuwuhlu lwabantu abanamacala okuhlukumeza izingane.