Ukhala ngomama wengane osekuneminyaka emvimbela ukuthi abone ingane yakhe uSizwe Mdlalose

uSizwe Mdlalose uqophe ivideo lapho aveze ukuthi sekunesikhathi ezama ukwenza okufanele mayelana nomntwana wakhe kangangokuba waze wahlawula walobola nengane kodwa wathola ukuthi umama wengane wahamba nayo akwaziwa ukuthi uhlalaphi.

Ngemva kwalokho wabe eseya enkantolo wavula icala ngoba efuna ukuthi akwazi ukondla ingane aphinde ayibone ayi ukuthi ayithathe izohlala naye. Kwakhona enkantolo uthi akaze asizakale njengoba sekuphele iminyaka emithathu. Lo MC odume ngemidanso ubale izigameko ezibuhlungu okubalwa kuzo ukunqatshelwa kwengane yakhe ukuthi iye emngcwabeni kamama wakhe, ukubizwa yingane yakhe ngesilwane esifuna ukuyintshontsha, ukuhlaselwa abantu ku TikTok ngoba kuthiwa waphika ingane isencane kodwa babuye bathola ukuthi ngamanga lawo kanye nokuboshwa kuka gogo nomkhulu wengane beboshiswa umawengane owathe akafuni lutho emhkanganisa nabo.

uSizwe uveze ukuthi loludaba lumhlukumeza kangangokuba useke wazama ngisho ukuzibulala kodwa usenqume ukungaphinde alukhulume ezinkundleni zokuxhumana kodwa uzoqhubeka nokulwela ukuthi athole umntwana wakhe. uMdlalose ukhale ngokuthi kubuhlungu ukuthi inkantolo nomphakathi ucindezele abantu besilisa noma bezama ukuba yingxenye yezimpilo zezingane zabo ngoba kulula ukugxeka umuntu wesilisa ongenzi kahle. Isikhalo sakhe esikhulu ukuthi ingane ikhulele ekhaya elifudumele kugogo nomkhulu ukuze umama nobaba wengane bakwazi ukuyibona mabefuna.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *