UMAJOR GENERAL ALEXANDER UKHUTHAZE ABEMBONI YAMATEKISI UKUTHI BAGCINE IMITHETHO YOMGWAQO.

UMajor General Alexander uhambele uhlelo lokuqeqeshwa kwabanikazi amatekisi athutha umphakathi kanye nabathutha izingane zesikole okade luse Newcastle Inn ngoMgqibelo mhlaka 8 February 2025. Lomcimbi bewuhlelwe yi SANTACO Amajuba Region ibambisene ne Sky’s The Limit Driver Training, uHlokomelo, uMnyango Wezempilo,Newcastle Traffic, ScholarTransport, TETA, abanikazi bamatekisi kanye nabashayeli.

Inhlosongqangi bekade kuwukufundisa abashayeli ukuthi kumele babaphathe kanjani obasi babo okungabagibeli, ubungozi bokulayisha imoto ngokweqile, ukulandela imithetho yomgwaqo kanye nokubaluleka kokuba nezimvume zokuthutha umphakathi. Abashayeli bakhuthazwe ukuqinisekisa ukuthi izimoto ziphephile ngesosonke isikhathi. Kuphinde kwakhuthazwa nenhlangano uSANTACO ukuthi uqaphele ukuqinisekisa ukuthi amalunga ayo alandela imithetho ngasosonke isikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *