UMasipala wase Newcastle ulekelele oSomabhizinisi bokufika ngohlelo lokubhalisa

UMasipala wase Newcastle ulekelele oSomabhizinisi bokufika ukuthi babhalise amabhizinisi abo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeviki eledlule iMeya yase Newcastle uCllr Xolani Dube ihlangene nabanikazi bama spaza shop eNewcastle Town Hall ukuze bechazelwe ngohlelo lokubhalisa amabhizinisi ungakashayi umhlaka 13 December 2024. Lokhu kuholele ekutheni namhlanje mhlaka 09 December babuyele eFarmers Hall behambisana nabanikazi bezindawo abaqashe kuzo ukuze bezobhalisa amabhizinisi abo njengoba bekukhona neminyango ehlukene kamasipala okubalwa LED, uMnyango Wezasekhaya neminye.

Namhlanje abokufika batheleke ngobuningi babo behamba nomasitende babo, uCllr D. X Dube ukhuthaze abokufika ukuthi balandele yonke imigudu efanele bese beba nawowonke amaphepha adingekayo ukuze bezobhalisa. Uphinde wagcizelela ukuthi angeke bakumele ukuthi abantu bavule ama spaza bese benza ubugebengu ngoba abahambisani ngalokho. Nakhu okunye okudingekayo – :

  • Business owner’s details: Full name, surname, gender, disability status, and identity number
  • Business information: Physical and postal address, location, and description of goods or services
  • Citizenship status: Passport number, asylum seeker permit, refugee permit, or valid visa
  • Affidavit: Stating that the business is not engaged in illegal activities and will operate according to norms and standards

Kubuye kwadonswa ngendlebe abakuleli bakhunjuzwa ukuthi kuyicala ukusiza abokufika ukuthi bavule amabhizinisi kuleli ngakho abantu bangavumi kusetshenziswa, lokho kufakazelwa nayi Immigration Act yango 2002.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *